Vicariate Apostolic of Ingwavuma

  • Increase font size
  • Default font size
  • Decrease font size

UNkulunkulu unathi: winding down (Zulu)

E-mail Print PDF
UNKULUNKULU UNATHI AIDS PROJECT

07 June 2011

Zihlobo Ezithandekayo,

“IZWI LABA YINYAMA, LAHLALA PHAKATHI KWETHU"

Kusukela ekuqaleni inhloso yemfunidso yeBandla endaweni yesiFundabhishobhi saseNgwavuma kwabe kuwukuhamba ezinyathelweni zeNkosi uJesu Kristo lapho ethi: “Mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.” (Johane, 10,10)

Njengoba uJesu uqobo ekuhambeni kwakhe kulomhlaba kwakungeyikho nje kuphela ukushumayela kepha wayenozwela nabampofu, abalambile kanye nabagulayo.

Eminyakeni yo1950 izingqalabutho zezimishini zafisa ukwakha izikole nezibhedlela ezindaweni ezazintula. Ngeminyaka yo1970 uhulumeni wakwaZulu wabe esenamandla okudlala indima, yingakhoke izikole zethu zabe sezinkelwa kuhulumeni. Ngokunjalo imitholampilo, izibhedlela kanye nemisebenzi yokuhlenga yakwa Malusi Omuhle Nursing Service. Izizathu zabe zilula: ukuntuleka kwabasebenzi nokuphela kwezimali zokuqhuba umsebenzi.

Kuthe uma kufika isifo sikamashayabhuqe okuyisandulela ngculaza nengculaza ngo1990 laphinda futhi iBandla laqala laqeqesha abanakeleli beziguli emakhaya. Ngonyaka ka2004 iBandla laqala ukukhipha imishanguzo. Ngaleso sikhathi uhulumeni wabe engakakwazi ukupha usizo. Uxhaso lwemishanguzo lwaluvela kuhulumeni waseMelika. Loluxhaso lwalulethwa eningizimuAfrika ngenhlangano yamaKhatholica neHovisi labaBhishobhi beBandla eliKhatholika ePitoli.

Ngokuhlanganyela nesibhedlela sakwaHlabisa nenhlangano ezimele yakwa-Africa Centre kwaqanjwa izikhungo kwaHlabisa naseMpukuyinyoni. Kuhezizimkhungo kwaqalwa kwanikezwa imishanguzo kulabo abase behaqwe igciwane lesandulela ngculazi nengculazi. Lomsebenzi waxhantela kwelakwaNgwanase. Kancane, kancane umnyango wezempilo waqala ukusiza abantu abaningi.

Uxhaso lukaHulumeni waseMelika lwalunqunyelwe isikhathi. Lolusizo lwaluzoqhubeka Uhulumeni aze akwazi ukusimama. Uhulumeni waseMelika uthathe isinqumo sokuba kusukela ngonyaka ka-2013 luphele uxhaso lwakhe enhlanganweni yabaBhishobi, kepha uxhaso lwakhe aludlulisele emnyangweni wezempilo osingethwe nguhulumeni.

Ngokunjalo ihhovisi labaBhishobhi ePitoli seliyale ukuba kwehliswe inani leziguli kancane kancane, kuqalwe kwaNgwanase njengokuyalwa ngomnyango wezempilo. Zonke iziguli kufanele zidluliselwe ezibhedlela nasemitholampilo kahulumeni. Lokhuke kusho ukuphela komsebenzi kubasizi bexiguli emakhaya, abeluleki nabezempilo uqobo. Iminyango yalomsebenzi ozovalwa ngqi ngoMay, 2012.

Sibonga siyancongcoza kubo bonke ababebambe iqhaza kulomsebenzi ngokukhulu kwethembeka. Sengathi uSomandla angapha ngokuphindiwe. Singekholwe ukubonga uhulumeni waseMelika eningizimu Afrika, phesheya kwezilwandle izinhlangano zamabandla nabo bonke ablule izandla eminyakeni elishumi eyedlule.

Nonke sengathi ningathola izibusiso ngeqhaza lenu.

Abenu eNkosini,

 

Bishop Jose Luis Ponce de Leon, IMC
(Vicar Apostolic of Ingwavuma)

Fr. P. M. Loftus, OSM
(Chair Vicariate AIDS Committee)

Sr. C. K. Khumalo
(Coordinator uNkulunkulu uNathi AIDS Project)

 

 

 

 

Google Translate

Search

Photo Album